Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 16:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UDavide esedlulile kancane isiqongo sentaba, bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo, zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kwathi uDavide esedlule ibangana nje esicongweni sentaba, wahlangatshezwa nguZiba, inceku kaMefibhoshethi, nezimbongolo ezimbili ezaziboshelwe, zithwele izinkwa ezingama-200, izigaxa eziyikhulu zamagilebhisi omisiwe, izigaxa eziyikhulu zezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi uDavida esedlulile kancinyane esiqongweni sentaba, uZiba inceku kaMefiboshethi wamhlangabeza, elezimbongolo ezimbalwa eziboshelwe, phezu kwazo izinkwa ezingamakhulu amabili lezigaxa zezithelo zomvini ezilikhulu, lezithelo eziyikhulu. Wezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 16:1
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo, enyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela, kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.


Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni, lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umArki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.


Kweza naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini, noSiba inceku yendlu kaSawule, namadodana akhe ayishumi nanhlanu, nezinceku zakhe ezingamashumi amabili zinaye; bawela iJordani phambi kwenkosi.


UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu.


Ababe seduze nabo kuze kube kwa-Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo, nangamakamela, nangeminyuzi,* nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.


Isipho somuntu siyamenzela indawo, simholele kwabakhulu.


Bhekani, mina ngiyakuhlala eMispa, ngiwakhonze lawo maKaledi ayakufika kithina, kepha nina, buthani iwayini, nezithelo, namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”


bonke abaJuda babuya ezindaweni zonke ababexoshelwe kuzo, bafika ezweni lakwaJuda kuGedaliya eMispa, babutha kakhulu iwayini nezithelo.


INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo.


Maye kimi! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo, njengokukhothozwa komvini; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.


“Nxa usukile khona uye phambili, uyakufika kulo i-oki* laseThabori; kuyakuhlangana nawe khona abantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini;


UJese wathatha imbongolo ithwele isinkwa, nemvaba yewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngesandla sikaDavide indodana yakhe.


U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka