Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 16:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi uDavide esedlule ibangana nje esicongweni sentaba, wahlangatshezwa nguZiba, inceku kaMefibhoshethi, nezimbongolo ezimbili ezaziboshelwe, zithwele izinkwa ezingama-200, izigaxa eziyikhulu zamagilebhisi omisiwe, izigaxa eziyikhulu zezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UDavide esedlulile kancane isiqongo sentaba, bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo, zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi uDavida esedlulile kancinyane esiqongweni sentaba, uZiba inceku kaMefiboshethi wamhlangabeza, elezimbongolo ezimbalwa eziboshelwe, phezu kwazo izinkwa ezingamakhulu amabili lezigaxa zezithelo zomvini ezilikhulu, lezithelo eziyikhulu. Wezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 16:1
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.


Uthe ukuba adundubale afinyelele esiqongweni lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, wahlangatshezwa nguHushayi, umArikhi, egqoke ibhantshi eliklebhukile, enomhlabathi ekhanda.


Weza nabantu abayinkulungwane bakwaBhenjamini, uZiba, inceku yendlu kaSawule, amadodana akhe ali-15, nezinceku zakhe ezingama-20, bashesha bafika eJordani phambi kwenkosi.


UBharizilayi wayesemdala kakhulu, eneminyaka engama-80. Nguye owabe ondla inkosi ngesikhathi isahleli eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu onothileyo.


Nabakhelene nabo, kusukela kwa-Isakhare, kwaZebuloni, nakwaNafethali, baletha isinkwa ngezimbongolo, ngamakameli, ngeminyuzi, nangezinkabi. Baletha ukudla okusanhlamvu, izigaxa zamakhiwane, izigaxa zamareyizini, iwayini namafutha, izinkabi nezimvu eziningi, ngokuba kwakunokuthokoza okukhulu kwa-Israyeli.


Isipho somuntu simvulela iminyango, simphendlele indlela kwabakhulu.


Bhekani, mina ngizohlala eMizpha, ngiwakhonze amaKhaledi ayofika kithina; kodwa nina, zibutheleni ngezitsha zenu iwayini, izithelo, namafutha, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”


bonke abaJuda babuya kuzo zonke izindawo ababexoshelwe kuzo, babuyela ezweni lakwaJuda, kuGedaliya eMizpha, bazibuthela iwayini nezithelo, okuningi kakhulu.


INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, ngabona iqoma linezithelo zasehlobo.


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


“Nxa usuka kubo uyakuqhubeka uze ufike esihlahleni somu-okhi eThabhori, lapho uyakuhlangana nabantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBhethele. Omunye uyobe ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini.


UJese wathatha imbongolo wayethwesa isinkwa, imvaba yewayini nezinyane lembuzi, wakuthumela kuSawule, ekuphathise uDavide.


U-Abhigayili waphangisa, wathatha izinkwa ezingama-200, izimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, amaseya ayisihlanu otshwele, izigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingama-200 zamakhiwane, wakukhweza ezimbongolweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka