Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 15:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayishumi abayizancinza ukuba balinde indlu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayizancinza abalishumi ukuba banakekele isigodlo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Inkosi yasiphuma lendlu yayo yonke ilandela. Inkosi yashiya abafazi abayishumi, izancinza ukuba zilinde indlu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 15:16
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe abafazi bakho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabafazi bakho ekukhanyeni kwaleli langa.


Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu,


Izinceku zenkosi zathi enkosini: “Noma yintoni engayikhetha inkosi yethu, inkosi bheka, nazi izinceku zakho.”


Yaphuma-ke inkosi, bonke abantu beyilandela; bahlala eBeti Hamerhaki.


U-Abisalomu esamgcoba ukuba abe phezu kwethu usefile empini. Manje nithuleleni, ningayibuyisi inkosi na?”


UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.


ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.


UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.


Manje-ke, lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.


U-Abigayili washesha wasuka, wakhwela imbongolo kanye nezintombi zakhe ezazihamba naye; wazilandela izithunywa zikaDavide, waba ngumkakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka