Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 13:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wathi kuye: “Uzacelani kanjalo wena ndodana yenkosi imihla ngemihla na? Ungengitshele na?” Wathi u-Amnoni kuye: “Ngithanda uTamari udadewabo ka-Abisalomu umfowethu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Wathi kuye: “Yini ekwenza uzace kangaka usuku nosuku, ndodana yenkosi na? Ungengitshele lokho na?” U-Amnoni wathi kuye: “NguThamari, udadewabo ka-Absalomu, umfowethu; ngiyamthanda.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wathi kuye: “Kungani wena ndodana yenkosi uzonda imihla ngemihla na?” awungitsheli? U-Amnoni wathi kuye: “Ngithanda uTamari, udadewabo ka-Abisalomu umfowethu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 13:4
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.


Wayesethi uJonadaba kuye: “Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: ‘Ake kuze uTamari udadewethu, angiphe ukudla, akulungise ukudla emehlweni ami ukuba ngikubone, ngikudle esandleni sakhe.’ ”


Kepha kwase kufika kuye u-Izebeli umkakhe, wakhuluma kuye, wathi: “Uhlunameleni umoya wakho ukuba ungadli lutho na?”


Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: “Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa-Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.”


Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.


“ ‘Ungambuli ubunqunu bukadadewenu, indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, noma ezelwe kini, noma ezelwe kwelinye; ungambuli ubunqunu babo.


“ ‘Uma umuntu ethatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe, naye abone ubunqunu bakhe, kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana babantu bakubo; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.


Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka