Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 U-Amnoni wayenomngani, ogama lakhe kunguJonadaba, indodana ka-Shimeya, umfowabo kaDavide. UJonadaba wayengumuntu onobuqili obukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayeyindoda ehlakaniphileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 13:3
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”


Kwathi ngaleso sikhathi uJuda wasuka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira.


UJuda wathuma izinyane lembuzi ngesandla somhlobo wakhe wase-Adulamu ukuba athathe isibambiso esandleni sowesifazane, kepha akamfumananga.


U-Amnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari, ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka-Amnoni ukwenza lutho kuye.


UJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide waphendula wathi: “Inkosi yami mayingathi babulele izinsizwa zonke, amadodana enkosi, lokhu ngu-Amnoni yedwa ofileyo; ngokuba lokho kwakunqunyiwe ngomlomo ka-Abisalomu kusukela kulolo suku aphoqa ngalo udadewabo uTamari.


Wathi kuye: “Uzacelani kanjalo wena ndodana yenkosi imihla ngemihla na? Ungengitshele na?” Wathi u-Amnoni kuye: “Ngithanda uTamari udadewabo ka-Abisalomu umfowethu.”


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane oselilele ofileyo izinsuku eziningi,


Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeyi umfowabo kaDavide wambulala.


UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,


UJonathani, uyisekazi kaDavide, wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi;


Kepha uHamani wazibamba, waya ekhaya; wayesethuma, walanda abangane bakhe noZereshi umkakhe.


Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.


UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe: “Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.”


Baningi abancenga izikhulu; bonke bangabangane bomuntu wezipho.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,”


Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni;


Kepha umkaSamsoni wanikwa kumngane wakhe owabe ngomunye wabayeni bakhe.


USamuweli wathi kuJese: “Sebephelile abafana na?” Wathi: “Kusasele omncane; bheka, uyalusa izimvu.” USamuweli wathi kuJese: “Thumela umlande, ngokuba asiyikubuya, engakafiki lapha.”


UJese wayesedlulisa uShama. Wathi: “Nalona uJehova akamkhethanga.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka