Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 9:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Inceku yathi, kudala kwa-Israyeli noma ngubani owayeya ukuyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza siye kumboni.” Ngokuba lowo okuthiwa ngumphrofethi manje kuqala wayebizwa ngomboni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 (Esikhathini sokuqala kwa-Israyeli, lapho umuntu eyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza, siye umboni; ngokuba lowo othiwa umprofethi manje wayethiwa uMboni kuqala.)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 9:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunje, ngisekhona ngani na?” Waya wabuza kuJehova.


Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi:


Nokho uJehova wayexwayisile o-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umthetho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.”


UJehova wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi:


kanye nakho konke uSamuweli umboni, noSawule indodana kaKishi, no-Abineri indodana kaNeri, noJowabe indodana kaSeruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile, kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.


Izenzo zikaDavide inkosi, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, nasencwadini yezindaba zikaNathani umprofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni,


Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo, bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo.


U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi,* ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi.


Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


Ngokuba uJehova uthulule phezu kwenu umoya wobuthongo obunzima; uwavalile amehlo enu, usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.


abathi kubaboni: “Ningabe nisabona,” nakubaprofethi: “Ningasiprofetheli okuqinisileyo, kepha khulumani kithina okuthophayo, niprofethe inkohliso;


U-Amasiya wayesethi ku-Amose: “Wena mboni, hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona;


Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na?


Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwa-Israyeli bambuza uJehova, bathi: “Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?”


Base bethi kuye: “Ake umbuze uNkulunkulu ukuze sazi uma indlela yethu esiyihambayo iyakuba nempumelelo.”


USawule wayesethi kuyo inceku yakhe: “Lihle izwi lakho; woza sihambe.” Base beya emzini lapho lowo muntu kaNkulunkulu wayekhona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka