Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 9:9 - IsiZulu 2020

9 Inceku yathi, kudala kwa-Israyeli noma ngubani owayeya ukuyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza siye kumboni.” Ngokuba lowo okuthiwa ngumphrofethi manje kuqala wayebizwa ngomboni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 (Esikhathini sokuqala kwa-Israyeli, lapho umuntu eyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza, siye umboni; ngokuba lowo othiwa umprofethi manje wayethiwa uMboni kuqala.)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 9:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantwana babeqhubukushana ngaphakathi kuye, waze wathi: “Uma kuzoba nje, pho ngisaphilelani na?” Wayeseyobuza kuSimakade.


Lapho uDavide evuka ekuseni, kwafika izwi likaSimakade kumphrofethi uGadi, umboni kaDavide, lathi:


Nokho uSimakade wayemxwayisile u-Israyeli noJuda ngomlomo wabo bonke abaphrofethi nababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami, nenze wonke umthetho engabayala ngawo okhokho benu, nengawuthumela kini ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi.”


USimakade wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi:


nakho konke uSamuweli umboni, uSawule indodana kaKhishi, u-Abhineri indodana kaNeri noJowabe indodana kaZeruya ababekungcwelisile; lokho okwakungcweliswe ngabantu abehlukene, konke kwaphathwa nguShelomothi nabafowabo.


Izinto ezenziwa nguDavide ekuqaleni nasekugcineni, zonke zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, encwadini yezindaba zikaNathani umphrofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni.


Bonke ababekhethwe ukuba babe ngabalindisango babengama-212. Babhalwa ngezizukulwane zabo emizaneni yabo. UDavide noSamuweli, umboni, bababeka ezikhundleni zabo.


U-Asa wamthukuthelela umboni, wayesemfaka ejele, ngokuba wathukuthela ngenxa yale nto umboni ayemtshele yona. U-Asa wabacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.


Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


Ngokuba uSimakade uthululele kini umoya wobuthongo obunzulu, uvale amehlo abaphrofethi bakini, wemboza amakhanda ezangoma zakini.


abathi ezangomeni: “Ningasibhuleli,” nakubaphrofethi, bathi: “Ningaphrofethi okuliqiniso, kodwa sitsheleni izinto ezikhohlisayo, niphrofethe inkohliso;


U-Amaziya wayesethi ku-Amose: “Wena mboni, phuma uphele lapha uye ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, futhi uphrofethe lapho;


Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na?


Emveni kokufa kukaJoshuwa, abantu bakwa-Israyeli babuza kuSimakade, bathi: “Ngubani ozosihola siyokulwa namaKhanani, na?”


Athi kuyo: “Ake usibuzele kuNkulunkulu ukuthi uhambo esiluthathile luzoba yimpumelelo yini, na?”


USawule wayesethi encekwini yakhe: “Lihle izwi lakho, woza sihambe.” Baya emzini lapho kwakukhona umuntu kaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka