Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 21:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UDavide wamphendula umpristi, wathi: “Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezi zinsuku; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 UDavide wamphendula umphristi, wathi: “Impela abesifazane abavunyelwe ukuza kithi kulezi zinsuku; izitsha zezinsizwa zazingcwele lapho ngiphuma nazo; noma lolu kuluhambo olungengcwele, izitsha zazo zisengcwele nanamuhla.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UDavide wamphendula umpristi, wathi kuye: “Kuyiqiniso ukuthi kulezi zinsuku ezintathu selokhu ngiphumile abesifazane bevinjelwe kithi, nezitsha zamajaha zingcwele, nesinkwa siyinto evamile, yebo, nokho. Kuba namuhla esitsheni ungcwelisiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 21:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMose wehla entabeni, wabuyela kubantu, wabangcwelisa abantu; bahlanza-ke izingubo zabo.


Wayesethi kubantu: “Anoba senilungile ngosuku lwesithathu; ningasondeli kowesifazane.”


Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.


Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”


naseqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elalisebusweni bukaJehova wathatha iqebelengwane laba linye elingenamvubelo, neqebelengwane laba linye lesinkwa samafutha, nomqathane munye, wakubeka phezu kwamanoni naphezu komlenze wokunene,


INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,


Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.


Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka