Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 17:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ulethe lawa mashizi ayishumi enduneni yenkulungwane yabo, ubone ukuthi kuhamba kanjani kubafowenu, uthathe isibambiso kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 17:18
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Israyeli wathi kuJosefa: “Abafowenu abawalusi umhlambi eShekemi na? Woza, ngiyakukuthuma kubo.” Wathi kuye: “Ngilapha.”


Wayesethi kuye: “Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.” Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, waze wafika eShekemi.


nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi* wezinkomo kuDavide nabantu ababe naye ukuba badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, bomile ehlane.”


UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.


Awungithululanga njengobisi, wangijiyisa njengoshizi,* na?


UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.


Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”


Baphambuka khona, bafika endlini yensizwa yomLevi, endlini kaMika, bayibuza impilo.


UJese wathatha imbongolo ithwele isinkwa, nemvaba yewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngesandla sikaDavide indodana yakhe.


USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti.


UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi; uDavide wathi kuzo izinsizwa: “Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami,


UDavide wafika kulabo bantu abangamakhulu amabili ababezukekile, bengenakumlandela uDavide, ababebahlalisile ngasemfudlaneni iBesori; baphuma ukumhlangabeza uDavide nokuhlangabeza abantu ababenaye; uDavide esesondela kubantu wababingelela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka