Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 12:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 USimakade wayesethumela uJerubhali, uBhedani, uJeftha, noSamuweli, wanihlenga esandleni sezitha zenu ezazinizungeze nhlangothi zonke, nahlala ngokuvikeleka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova wathuma oJerubali noBedani noJefta noSamuweli wanikhulula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala ngokulondeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 12:11
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wanika u-Israyeli umsindisi, baphuma phansi kwesandla sama-Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala.


Amadodana ka-Ulamu: nguBedani. Labo babe ngamadodana kaGileyadi kaMakiri kaManase.


Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?


UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, umsindise u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?”


UJowashi wathi kubo bonke ababemi ngakuye: “Niyakumlwela uBali, nimsindise yena, na? Oyakumlwela uBali, makabulawe kusasa ekuseni; uma engunkulunkulu, makazilwele yena, lokhu kukhona olibhidlizile i-altare lakhe.”


Ngalokho ngalolo suku wambiza ngokuthi uJerubali,* ethi: “UBali makalwe naye ngokuba elibhidlizile i-altare lakhe.”


UJerubali* onguGideyoni nabantu bonke ababenaye bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; ikamu* lakwaMidiyani lalingasenyakatho kwabo ngasegqumeni laseMore esigodini.


UJerubali* indodana kaJowashi waya wahlala endlini yakhe.


Abenzanga umusa kuyo indlu kaJerubali* onguGideyoni njengakho konke okuhle ayekwenzile ku-Israyeli.


Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumprofethi kaJehova.


Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka-Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka