Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Njengezinsana ezisanda kuzalwa, langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze ngalo nikhule kube ngukusindiswa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 2:2
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade; sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?


Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.


Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.


Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe, babuye baphile njengamabele, bakhahlele njengomvini, igama lakhe lodumo libe njengomvini waseLebanoni.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.


UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”


Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”


Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”


Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.


okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini,


kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu,


Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,


senizelwe kabusha kungengambewu ephelayo kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu,


kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka