Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 2:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Njengezinsana ezisanda kuzalwa, langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze ngalo nikhule kube ngukusindiswa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 2:2
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lanxa indlu yami kayinjalo kuNkulunkulu; nokho wenza nami isivumelwano esiphakade, esiqondileyo nesiqinisekileyo kukho konke; ngokuba lokhu kuyinsindiso yami yonke kanye nesifiso sami sonke, noma engakhulisi.


Futhi olungileyo uyogcina indlela yakhe, futhi onezandla ezihlanzekile uyoba namandla futhi aqine.


Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakumila njengomnduze, anabe izimpande zakhe njengeLebanoni.


Abahlala emthunzini wakhe bayobuya; bayophila njengamabele, bakhule njengomvini; ukunambitheka kwawo kuyakuba njengewayini laseLebanoni.


Khona sizokwazi uma sifuna ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe sekulungile njengokusa; futhi uyofika kithi njengemvula, njengemvula yamuva neyokuqala emhlabeni.


Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.


Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu.


Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.


Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.


Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.


Ngakho sembelwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni, ukuze njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.


okukuye isakhiwo sonke esihlanganiswe kahle sikhule sibe ithempeli elingcwele eNkosini;


Kodwa sikhuluma iqiniso othandweni, sikhulele kuye ezintweni zonke, oyinhloko, uKristu;


Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;


nizelwe ngokusha, kungengembewu ebolayo, kodwa ngengenakonakala, ngezwi likaNkulunkulu eliphilayo nelimi phakade.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka