Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 11:12 - IsiZulu 2020

12 Ngabe bonke laba bantu bakhulelwa yimi, futhi bazalwa yimi yini na? Kodwa uthi kimi: ‘Bagone wena esifubeni sakho njengomzanyana egone umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngabe ngibamukele bonke laba bantu? Ngabe ngabazala, ukuze uthi kimi: Bathwale esifubeni sakho, njengomondli ethwala umntwana, ubayise ezweni owalithembisa oyise ngesifungo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 11:12
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba lonke leli lizwe olibonayo ngizokunika lona; wena nezizukulwane zakho, kuze kube phakade.


USimakade uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nakwelakithi lengabade, wakhuluma kimi, wangethembisa ngesifungo, wathi: ‘Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.’ Uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, okwakho ukuyotholela indodana yami umfazi lapho.


Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


UJosefa wathi kubafowabo: “Sengizokufa mina, kodwa uNkulunkulu akasoze anilibala nakanye, uyonikhuphula kuleli lizwe, aniphindisele ezweni alethembisa ngesifungo ko-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.”


U-Ahabi wayenamadodana angama-70 eSamariya. UJehu wabhala izincwadi, wazithumela eSamariya ezikhulwini zaseJizreyeli, kumalunga, nakubaqaphi bakwa-Ahabi, wathi:


Owengamele isigodlo, nomphathi womuzi namalunga nabaqaphi bathumela kuJehu, bathi: “Thina siyizinceku zakho, konke ositshela khona siyakukwenza; asiyukubeka muntu abe yinkosi; yenza okubona kukuhle emehlweni akho.”


“Lapho uSimakade esekungenisile ezweni lamaKhanani, wakunika lona, njengoba ayefungile kuwe nakoyihlomkhulu,


Lapho uSimakade eseningenisa ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaHivi, nelamaJebusi, afunga ngalo koyihlomkhulu ukulinika nina, izwe elichichima ubisi noju, niyokuyigcina le nkonzo ngale nyanga.


USimakade wathi kuMose: “Hamba, suka kule ndawo, wena nabantu owabakhipha eGibhithe, niye ezweni engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyolinika izizukulwane zakho.’


Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”


Iyokwelusa umhlambi wayo njengomelusi, iqoqe izimvana ngezingalo zayo, izigone esifubeni sayo, ihole ngesinono izindlezane.


“Owesifazane angakhohlwa yini ngumntwana wakhe oncelayo, angabi naluzwelo endodaneni ayizalayo na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa Mina angiyukukukhohlwa wena.


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho; bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyokwazi ukuthi nginguSimakade, abethembela kimi abayukujabha.”


Ngiyakubeka kuzo umelusi, azeluse: inceku yami uDavide; uyakuzelusa, abe ngumelusi wazo.


“Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


Nakuba ningaba nabafundisi abayizi-10 000 kuKhristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba yimina enganizala kuKhristu uJesu ngevangeli.


Bantwana bami, enginezinseka ngani, uKhristu aze abunjwe kini;


Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’


nakuba sasingaba yisisindo kini njengoba singabaphostoli bakaKhristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengonina onakekela abantwana bakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka