Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 11:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngabe ngibamukele bonke laba bantu? Ngabe ngabazala, ukuze uthi kimi: Bathwale esifubeni sakho, njengomondli ethwala umntwana, ubayise ezweni owalithembisa oyise ngesifungo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Ngabe bonke laba bantu bakhulelwa yimi, futhi bazalwa yimi yini na? Kodwa uthi kimi: ‘Bagone wena esifubeni sakho njengomzanyana egone umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 11:12
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngoba lonke ilizwe olibonayo ngizalinika wena lenzalo yakho kuze kube nininini.


UJehova, uNkulunkulu wezulu, owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami, owakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe; kumelwe athumele ingelosi yakhe phambi kwakho, futhi kumelwe uyithathele khona indodana yami umfazi.


hlala njengowezizwe kuleli zwe, ngiyakuba nawe, ngikubusise; ngokuba ngiyakukunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, futhi ngigcwalise isifungo engasifunga kuyihlo u-Abrahama;


UJosefa wayesethi kubafowabo: “Sengiyafa, uNkulunkulu uyakuninakekela nokuninakekela, anikhiphe kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya. UJehu waloba izincwadi, wazithumela eSamariya, kubabusi baseJizreyeli, kumalunga, nakulabo abakhulisa abantwana bakwa-Ahabi, wathi:


Umphathi wendlu nomphathi womuzi, namalunga, nabafundisi babantwana, bathumela kuJehu, bathi: “Siyizinceku zakho, siyakwenza konke osiyaleza ngakho; ngeke sibeke inkosi; yenza okuhle emehlweni akho.


Kuzakuthi-ke lapho uJehova ezalingenisa elizweni lamaKhanani, njengokuthembisa kwakhe kini laboyihlo ngesifungo, alinike lona,


Kuyakuthi lapho uJehova eseningenise ezweni lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaHivi, namaJebusi, eyathembisa oyihlo ngesifungo ukuninika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi, nigcine leli zwe. Isevisi kule nyanga.


INkosi yasisithi kuMozisi: Hamba usuke lapho, wena labantu owabakhupha elizweni leGibhithe, uye elizweni engalifungela uAbrahama, uIsaka loJakobe, ngathi: Kuwe. Inzalo ngiyakuyinika;


Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa; nginguJehova.


Uyakwalusa umhlambi wakhe njengomalusi; iyobutha amawundlu ngengalo yayo, iwathwale esifubeni sayo, izihole ngobumnene ezizinyanelayo.


Owesifazane angamkhohlwa yini umntanakhe osancela, angayihawukeli indodana yesizalo sakhe? yebo, bangakhohlwa, kepha mina angiyikukukhohlwa wena.


Amakhosi ayakuba ngoyise, nezindlovukazi zabo zibe ngonyoko; bayakukhothama phambi kwakho ubuso babo bubheke phansi, bakhothe uthuli ezinyaweni zakho; futhi niyokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba abalindele kimi ngeke babe namahloni.


Ngiyakumisa phezu kwazo umalusi oyedwa, azoluse, inceku yami uDavide; uyakuzondla, abe ngumalusi wazo.


Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.


Bantwanyana bami, engibuye ngibe nemihelo ngabo, uKristu aze abunjwe kini.


Ehlane, lapho wabona khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuzala, njengalokho umuntu ezala indodana yakhe, endleleni yonke owahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.


Kodwa sasimnene phakathi kwenu njengomdlezane ondla abantwana bakhe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka