Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 9:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi ngosuku lwama-24, lwaleyo nyanga, abakwa-Israyeli bahlangana ngosuku lokuzila ukudla, bembatha indwangu eyisaka, bazithela ngenhlabathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bazila ukudla benezindwangu zamasaka nothuli phezu kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana ngokuzila ukudla, bembethe izingubo zokulila nenhlabathi phezu kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 9:1
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.


UJehoshafathi wesaba, wayesezinikela, wafuna uSimakade, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke elakwaJuda.


Ngosuku lwama-23 lwenyanga yesikhombisa, uSolomoni wabamukisa abantu ukuba baphindele emathendeni abo. Babethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uSimakade ayebenzele uDavide, uSolomoni no-Israyeli abantu bakhe.


Ngase ngimemezela ukuzila ngasemfuleni i-Ahava nokuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizicelele indlela enhle nephephile, thina nabantwana bethu, nayo yonke impahla yethu.


Ngakho-ke sazila, samnxusa uNkulunkulu wethu ngalokhu, wakuzwa ukunxusa kwethu.


Kwakulusuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. U-Ezra, umphristi, wayiletha incwadi yomthetho phambi kwebandla, abesilisa, nabesifazane nabo bonke ababezwa, baqonde.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Kuzo zonke izifundazwe lapho kwafinyelela khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba nomsindo wokulila okukhulu kubaJuda; bazila ukudla, bakhala, balila, iningi labo lalala phansi ligqoke indwangu eyisaka, lazithela ngomlotha.


Kuthe besebuqamama baphakamisa amehlo abo, kodwa abambonanga ukuthi nguye; badazuluka bakhala, kwayilowo nalowo waklebhula ingubo yakhe, bazithela amakhanda ngothuli beluphonsa phezulu.


Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


USimakade uyakhuluma uthi: “Ngisho namanje buyelani kimi ngenhliziyo yenu nonke, ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa kuyakuba nguMkhosi Wamadokodo kuSimakade, izinsuku eziyisikhombisa.


“ ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe, niyogubha uMkhosi kaSimakade izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala nangosuku lwesishiyagalombili kuyoba yizinsuku zenu zokuphumula.


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.


Ngalolo lusuku umuntu othile wakwaBhenjamini waphulukundlela empini. Wagijima waya eShilo, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.


Ngakho-ke abakwa-Israyeli babuthana eMizpha. Bakha amanzi, bawathulula phambi kukaSimakade, bazila, bathi: “Sonile kuSimakade.” USamuweli wabehlulela abantu bakwa-Israyeli eMizpha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka