Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 3:5 - IsiZulu 2020

5 Ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda aseThekhowa, kodwa abaholi bakulowo muzi benqaba ukwenza umsebenzi ababewunikwe ngabaphathi babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Eceleni kwabo kwasinda abaseThekhowa; kodwa izikhulu zabo kazibekanga izintamo zabo emsebenzini weNkosi yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 3:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke inzilo, ungazigcobi ngamafutha, ube njengowesifazane oselile izinsuku eziningi elilela ofileyo,


Wakha iBhethlehema, i-Ethamu, iThekhowa,


Ingxenye elandelayo esuka malungana nombhoshongo omkhulu oqaphe ithempeli kuze kuyofika eduze kodonga oluseduze ne-Ofeli, yakhiwa ngamadoda aseThekhowa. Lokho kwase kuyingxenye yawo yesibili.


Ingxenye elandelayo yalungiswa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, umzukulu kaHakozi. Elandelayo yakhiwa nguMeshulami, indodana kaBherekhiya, umzukulu kaMeshezabheli. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana kaBhahana.


ISango iJeshana lakhiwa nguJoyada, indodana kaPhaseya, noMeshulami, indodana kaBhesodeya. Bafaka imishayo namasango ezindaweni zakho, bafaka imigoqo nezihluthulelo.


Ngakhuluma amazwi afanayo enkosini yakwaJuda, uZedekiya, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.


usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho,


Kuyakuthi isizwe nombuso okungayukumkhonza uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, okungayibekanga intamo yakho phansi kwejoka lakhe, leso sizwe ngiyosijezisa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, ngisiqede ngesandla sakhe, kusho uSimakade.


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


Ngakho-ke kungani manje nilinga uNkulunkulu ngokuthi nibeke ijoka entanyeni yabafundi, obaba kanye nathi esingabanga namandla okulithwala na?


Ngokuba bazalwane, khumbulani ukubizwa kwenu ukuthi kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, futhi kababaningi abayizikhulu.


‘Qalekisani iMerozi,’ kusho ingelosi kaSimakade; ‘ziqalekiseni kabi izakhamuzi zalo, ngoba azizanga ukuzosiza uSimakade, ukuzosiza uSimakade elwa nesiqhwaga.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka