Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 3:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Eceleni kwabo kwasinda abaseThekhowa; kodwa izikhulu zabo kazibekanga izintamo zabo emsebenzini weNkosi yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda aseThekhowa, kodwa abaholi bakulowo muzi benqaba ukwenza umsebenzi ababewunikwe ngabaphathi babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 3:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Zinike izingubo zokulila, wembathe ukulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane olilela ofileyo isikhathi eside;


Wakha neBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,


Ngemva kwalokho abaseThekhowa balungisa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumela ngaphandle kuze kufike odongeni lwase-Ofeli.


Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti indodana ka-Uriya indodana kaKoshi. Eceleni kwabo kwalungisa uMesulamu indodana kaBeregiya kaMeshesabeli. Eceleni kwabo uSadoki indodana kaBahana walulama.


Isango elidala lalilungiswa nguJehoyada indodana kaPhasehaki, noMeshulamu indodana kaBesodiya; babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.


Ngasengikhuluma kuZedekhiya inkosi yakoJuda njengawo wonke lamazwi ngathi: Ngenisani izintamo zenu ngaphansi kwejogwe lenkosi yeBhabhiloni, liyikhonze yona labantu bayo lempilo yayo.


Usho kanje uJehova kimi, uthi: Zenzele izibopho namajoka, ukubeke entanyeni yakho;


Kuyakuthi isizwe nombuso ongayikumkhonza yena uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ongayikubeka intamo yawo ejokeni lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngiyakusihambela, iNkosi. Ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngaze ngabaqeda ngesandla sakhe.


Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa awabona ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi inkosi yakwa-Israyeli iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobekile ngenhliziyo; niyakufumana ukuphumula emiphefumulweni yenu.


Manje nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esingenamandla okulithwala na?


Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu, bazalwane, ukuthi ababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, ababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, ababiziweyo;


Qalekisani iMerosi, isho ingelosi kaJehova, qalekisani abakhileyo kulo kamunyu; ngoba abazange bamsize uJehova, uJehova weza ukusiza ngokumelene namaqhawe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka