Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNahume 3:10 - IsiZulu 2020

10 Nalo laya ekuthunjweni. Ekuthunjweni izingane zalo zaphahlazwa ezinhlanganweni zemigwaqo; benza unkatho ngezikhulu zalo, bonke abaholi balo baboshwa ngamaketango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nalo lamukiswa, laya ekuthunjweni, nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngezikhulu zalo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha wathunjwa, waya ekudingisweni; nabantwana balo bachotshozwa eziqongweni zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngabahlonishwayo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNahume 3:10
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHazayeli wathi: “Ngabe inkosi yami ikhalelani na?” Yathi: “Kungenxa yokuthi ngiyakwazi ozokwenza kubantu bakwa-Israyeli; uyakubalimaza, uthungele ngomlilo izinqaba zabo, ubulale ngenkemba izinsizwa zabo, uphahlaze izingane zabo, uqhaqhe abesifazane bakhona abazethwele.”


Nenza unkatho ngentandane, nithengisa ngomngani wenu.


Ndodakazi yaseBhabhele, wena oyobhujiswa, ubusisiwe oyophindisela kuwe ngezenzo zakho owazenza kithina.


Ubusisiwe obamba izingane zakho aziphahlaze edwaleni.


Amakhosi abo bawabophe ngamaketanga, nabadumileyo babo, ngezibopho zensimbi,


Abantwana babo bayophohlozwa bebuka, izindlu zabo ziphangwe, omkabo badlwengulwe.


Lilani, ngokuba usuku lukaSimakade lusondele; luyofika njengencithakalo evela kuSomandla.


AbaseGibhithe ngiyobanikela esandleni senkosi enolunya namandla, ibabuse,” kusho uSimakade Wamabandla.


Inkosi yase-Asiriya iyobahambisa benqunu abathunjwa baseGibhithe, nabaxoshiweyo baseKhushe: abadala nabancane, izinqe ziyoba sobala, kube yihlazo eGibhithe.


Vuka umpongoloze ezinzulwini zobusuku, inhliziyo yakho uyithulule njengamanzi phambi kobuso beNkosi. Phakamisela izandla zakho kuyo, ukhulekele izingane zakho, ezibulawa yindlala emajikeni ayo yonke imigwaqo.


Hawu, laze lafiphala igolide, igolide elihle seligqwalile! Amatshe endlu engcwele, asesakazeke kuwo wonke amakhona emigwaqo.


Kuthe lapho bekubamba ngesandla, wephuka, waklunyula amahlombe abo; nalapho bencika kuwe, waphoqoka, wazintengantengisa zonke izinkalo zabo.


ISamariya liyakuba necala, ngokuba limhlubukile uNkulunkulu walo; bayakufa ngenkemba, izingane zabo ziphahlazwe, abakhulelweyo baqaqwe.”


Zenza unkatho ngabantu bami, zathengisa umfana ukuze zilale nesifebe, zathengisa ngentombazane ukuze zithole iwayini, zaliphuza.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.


Phela ngosuku owamela kude ngalo, mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe, nabezizwe betheleka emasagweni akhe, benza unkatho ngeJerusalema, nawe wawufana nomunye wabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka