Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNahume 3:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha wathunjwa, waya ekudingisweni; nabantwana balo bachotshozwa eziqongweni zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngabahlonishwayo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nalo lamukiswa, laya ekuthunjweni, nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngezikhulu zalo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Nalo laya ekuthunjweni. Ekuthunjweni izingane zalo zaphahlazwa ezinhlanganweni zemigwaqo; benza unkatho ngezikhulu zalo, bonke abaholi balo baboshwa ngamaketango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNahume 3:10
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHasayeli wasesithi: Inkosi yami ililelani? Wathi: “Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa-Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, izinsizwa zabo zinibulale ngenkemba, zichoboze abantwana babo, ziklebhule abesifazane babo nengane.


Yebo, ucindezela intandane, ummbela umngane wakho umthombo.


O ndodakazi yaseBabele, okumelwe ubhujiswe; uyajabula onivuza njengalokho nisikhonze.


Uyobusiswa lowo ophahlaza abancane bakho ematsheni.


ukuze babophe amakhosi abo ngamaketane, lezikhulu zabo ngezibopho zensimbi;


Futhi abantwana babo bayochotshozwa phambi kwamehlo abo; izindlu zabo ziyakuba yimpango, nawomkabo bahlazeke.


Khalani nina; ngoba usuku lukaJehova luseduze; lizafika njengencithakalo evela kuSomandla.


Ngiyakubanikela abaseGibithe esandleni senkosi enesihluku; futhi inkosi enesihluku iyobusa phezu kwabo, kusho uJehova, uJehova Sebawoti.


Kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakuthumba abathunjwa baseGibithe, nabathunjwa bamaKushe, abasha nabadala, benqunu, nqunu, izinqe zabo zembuliwe, kube yihlazo laseGibithe.


Vuka, ukhale ebusuku; thulula inhliziyo yakho njengamanzi phambi kukaJehova ekuqaleni kwemilindo; phakamisela kuye izandla zakho ngenxa yokuphila kwabantwana bakho abafa yindlala ezingqongeni zonke zemigwaqo.


Yeka indlela igolide elibuthuntu ngayo! igolide elicwengekileyo liguqulwa kanjani! amatshe endlu engcwele achithekile eziqongweni zazo zonke izitaladi.


Lapho bebamba isandla sakho, wena waphuka, waklebhula lonke ihlombe labo; nalapho bencika kuwe, wena waphuka, wamisa zonke izinkalo zabo.


ISamariya liyosala lishiyiwe; ngoba liyahlubuka kuNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba; izinsana zabo ziyochotshozwa, futhi abesifazane babo abakhulelwe bayoklebhulwa.


Benza inkatho phezu kwabantu bami; wanika isifebe indodana, wathengisa ngentombazane ukuze aphuze iwayini.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwabo; ngoba badwengula abesifazane abakhulelweyo bakwaGileyadi ukuze bandise umngcele wabo.


Ngosuku owama ngalo maqondana, mhla abezizwe besusa amabutho akhe nabafokazi bengena emasangweni akhe benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka