Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 5:6 - IsiZulu 2020

6 Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ungavumeli umlomo wakho ukuthi wonise inyama yakho; futhi ungasho phambi kwengelosi ukuthi bekuyiphutha. Kungani uNkulunkulu ethukuthelela izwi lakho futhi achithe umsebenzi wezandla zakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 5:6
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Inhliziyo yakho mayingabi nomhawu ngezoni, kunalokho mesabe njalo uSimakade.


Amazwi ohlakaniphileyo amlethela udumo, kodwa awesiwula ayasibhubhisa.


Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,


“ ‘Uma kona umholi ngokungenhloso, wephula omunye wale miyalo uSimakade uNkulunkulu wakhe ayale ngayo ukuba ingenziwa, aze azilethele icala,


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


Umphristi uyokwenzela yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ukubuyisana; ithethelelwe ngenxa yokuba kwakungeyona inhloso, futhi iwulethile umnikelo wayo, umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wabo wesono phambi kukaSimakade, ngesiphosiso sayo.


Ngenxa yalokhu, owesifazane kufanele abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba ulondoloze lezi zinto, ungabandlululi, futhi ungenzi lutho ngokukhetha.


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.


Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.


Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho namukele umvuzo opheleleyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka