Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 5:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ungavumeli umlomo wakho ukuthi wonise inyama yakho; futhi ungasho phambi kwengelosi ukuthi bekuyiphutha. Kungani uNkulunkulu ethukuthelela izwi lakho futhi achithe umsebenzi wezandla zakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 5:6
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.


Inhliziyo yakho mayingabi nomhawu ngezoni, kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.


Amazwi omlomo womuntu ohlakaniphileyo anomusa; kepha izindebe zesiwula ziyakuzigwinya.


Ngiyazi ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungalethwa kukho futhi akukho okuthathwe kukho; futhi uNkulunkulu uyakwenza lokhu, ukuze abantu bamesabe.


Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu wona ngokungazi emithetho ye Nkosi engayikwenziwa, enze komunye wayo,


Uma isikhulu sona, senza ngokungazi ngokuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova uNkulunkulu waso ngokungafanele ukwenziwa, sibe necala;


Ngokuba izindebe zompristi kumelwe zigcine ulwazi, futhi kumelwe bafune umthetho emlonyeni wakhe, ngoba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.


Umpristi kumelwe ayenzele isihlawulelo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, futhi bayothethelelwa; ngoba kungukungazi; bayakunikela ngomhlatshelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngenxa yokungazi kwabo.


Ngakho-ke owesifazana ufanele ukuthi abe legunya ekhanda lakhe ngenxa yezingilosi.


Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu, neNkosi uJesu Kristu, nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba uzigcine lezo zinto ngaphandle kokukhetha kuqala, ungenzi lutho ngokukhetha abantu.


Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?


Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.


Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.


Ziqapheleni ukuthi singalahlekelwa yizinto esizisebenzileyo, kodwa ukuze samukele umvuzo opheleleyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka