Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 2:7 - IsiZulu 2020

7 Ngathenga izigqila zesilisa nezesifazane, nalezo ezazizalelwe kwami; nganginemfuyo eningi, imihlambi yezinkomo neyezimvu nezimbuzi, kukuningi ukwedlula okukanoma ngubani owangendulelayo eJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngathenga izinceku nezincekukazi, nganginazo ezazalwa endlini; yebo, nganginemfuyo enkulu yezinkomo neyezimvu phezu kwakho konke okwakuphambi kwami eJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngazitholela izinceku nezincekukazi, kwazalelwa izinceku endlini yami; Futhi nganginemfuyo eningi yezinkomo nezinkomo ngaphezu kwabo bonke ababengaphambi kwami eJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 2:7
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.


Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.


U-Abhrama waqhubeka wathi: “Njengoba ungincishe umntwana nje, kusobala ukuthi le nceku ezalelwe lapha ekhaya yiyona ezokuba yindlalifa yami.”


izinkabi ezilishumi ezikhuluphalisiweyo, izinkabi ezingama-20 zasemadlelweni, izimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, amanxala, izinsephe, nezinkukhu ezikhuluphalisiweyo.


UMesha, inkosi yakwaMowabi, wayengumfuyi wezimvu, wathela enkosini yakwa-Israyeli ngoboya bamawundlu ayizi-100 000 nobezinqama eziyizi-100 000.


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.


Abozalo lwezinceku zikaSolomoni yilaba: ababozalo lukaSothayi, lukaHasoferethi, lukaPheruda,


Zonke izisebenzi zasethempelini nabozalo lwezinceku zikaSolomoni babengama-392.


Abozalo lwezinceku zikaSolomoni yilaba: abozalo lukaSothayi, lukaSoferethi, lukaPherida,


Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka