Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 5:7 - IsiZulu 2020

7 Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuJehova, njengezihlambi etshanini, engalinde muntu, engalindeli abantwana babantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 5:7
40 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Siyakumhlasela noma kuphi lapho siyomfica khona, simthelekele kuhle kwamazolo ehlela emhlabathini; akanakuphunyuka, yena nabo bonke abanaye.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


Mayifane njengemvula otshanini, nanjengesihlambi simatisa umhlaba.


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


kuze kuthululelwe kithi uMoya ovela phezulu, ihlane liphenduke insimu yezithelo, nensimu yezithelo kuthiwe iyihlathi.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;


Imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini, akubuyeli khona, kunalokho kumatisa umhlaba, kuwenze uhlume, uthele, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo, nodlayo ukudla.


“Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithumele abasindileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, ePhuli, naseLudi; abansala umnsalo eThubhali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingawuzwanga umbiko ngami, ezingayibonanga inkazimulo yami, ukuze balande ngenkazimulo yami ezizweni.


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Kepha, kuyosala kulo insali ephunyukileyo; amadodana namadodakazi ayakukhishwa kulo, ayokuza kini, kuyothi lapho nibona ukuziphatha kwawo nemisebenzi yawo, niduduzeke, ngenxa yobubi engibenze behlela iJerusalema, nangenhlekelele engiyehlisele phezu kweJerusalema.’ ”


Wayesengibuyisela emnyango wendlu. Kwakugeleza amanzi phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba indlu yayibheke ngasempumalanga. Amanzi aphophoza ephuma phansi ohlangothini lwakwesokunene lwendlu, ngaseningizimu ye-althare.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Leli yiJerusalema, ngilibeke phakathi kwezizwe, lahaqwa ngamazwe.


Iyakungcolisa ngamazwi aluthayo labo abanecala lokwephula isivumelwano, kepha abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo bayakuba namandla, baphikelele.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli, uyakuqhakaza njengomnduze, agxilise izimpande zakhe njengeLebhanoni.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


Kepha kuyakuthi bonke ababiza igama likaSimakade baphunyuke, ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema kuyakuba khona abasindileyo njengoba eshilo uSimakade, labo abayakubizwa nguSimakade.”


Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”


“Impela ngiyakumqoqa wonkana uJakobe; ngiyihlanganise ndawonye ngempela insali yakwa-Israyeli, ngiyiqoqele ndawonye njengezimvu esibayeni, nanjengomhlambi phakathi edlelweni lawo, kube nokuxokozela kwabantu.


Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.


Ngiyakwenza abaqhugayo babe yinsali, nabayiswe emajukujukwini babe yisizwe esinamandla. USimakade uyakubabusa entabeni iZiyoni, kusukela manje kuze kube phakade.


Ngakho-ke uyakubakhaphela kuze kube yisikhathi sokuba okhulelweyo abelethe. Kuyakuthi lapho esebelethile, abafowabo abaseleyo babuyele kubantu bakwa-Israyeli.


Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ”


Ngalolo lusuku kuyakugobhoza amanzi okuphila eJerusalema. Ingxenye yawo iyogelezela olwandle ngasempumalanga, enye ingxenye yawo igelezele olwandle ngasentshonalanga, ubusika nehlobo.


Ngokuba ngizonweba uJuda njengomnsalo, u-Efrayimi abe njengomcibisholo. Ngiyakwenza amadodana akho Ziyoni avukele amadodana akho Javani. Ngikwenze ube njengenkemba yeqhawe.


Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.


“Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengalokhu kwenzeka nakithina ekuqaleni.


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


UPawula wabona umbono ebusuku: indoda ethile yaseMakhedoniya yayimi imncenga, ithi: “Welela eMakhedoniya, usisize.”


Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.


Kepha u-Izaya unesibindi sokuthi: “Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga, ngabonakala kulabo abangangibuzanga.”


Uma-ke isiphambeko siletha ingcebo emhlabeni, nokwehluleka kwabo kuletha ingcebo kwabezizwe, kuyoba kangakanani ngokuphelela kwabo.


Pho sesiyakuthini na? Siyakuthi abezizwe abangakufunisisanga ukulunga bafumene ukulunga, ukulunga okutholakala ngokukholwa.


Mina ngafike ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu wakhulisa.


Isifundiso sami masehle njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengomkhizo otshanini, nanjengezihlambi ohlazeni,


UGideyoni wayesethi kuNkulunkulu: “Ukuze ngibone ukuthi uyakumkhulula yini u-Israyeli ngesandla sami njengoba ushilo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka