Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 1:4 - IsiZulu 2020

4 Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho u-Edomi ethi: “Simpofu, kepha siyakubuya, sakhe izindawo eziyincithakalo; usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bayakwakha, kepha mina ngiyakudiliza; bayakubabiza ngokuthi: Umkhawulo wobubi, Abantu uJehova abathukuthelele kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 1:4
37 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?


Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.


Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


USimakade ushafisa icebo labezizwe, afojise amacebo ezizwe.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.


Bayohlangana bahlasele amaFilisti entshonalanga, baphange abantu basempumalanga, bayakumelana nabakwa-Edomi nabakwaMowabi, ama-Amori ayoba ngaphansi kwesandla sabo.


Aliyukucinywa ubusuku nemini, intuthu yalo iyothunqa yenyuke kuze kube phakade. Liyohlala liyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane, akukho muntu oyodabula kulo nanini.


Uma inkemba yami isidle yaneliswa ezulwini, iyokwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu engibamisele ukubabhubhisa ngesehlulelo.


“Kukhona ithemba ngekusasa lakho, abantwana bakho bayakubuyela endaweni yabo,” kusho uSimakade.


Ngakho-ke yizwani ngecebo likaSimakade; ngo-Edomi nalokho akuhlosile ngabakhileyo eThemani: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa basuswe, abhubhise amadlelo abo ngenxa yabo.


Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?


Phendukani, nibaleke, nibhace emigedeni ejulileyo; nina zakhamuzi zaseDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu, ngesikhathi engiyomjezisa ngaso.


Siyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, sidle amadodana namadodakazi akho, sidle izimvu zakho nezinkomo zakho, sidle imivini yakho nemikhiwane yakho, sibhubhise ngenkemba imizi yakini ebiyelweyo enethembele kuyo.


Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?


Niyakufa ngenkemba, nginehlulele emingceleni yakwa-Israyeli; niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.


Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi ngimelane naye, ngibulale abantu nezilwane, ngimenze abe yincithakalo kusukela eThemani kuze kube seDedani, bayakufa ngenkemba.


Ngiyakuziphindiselela ku-Edomi ngesandla sabantu bami, u-Israyeli; bayakwenza kwa-Edomi ngokwentukuthelo yami nangokolaka lwami, bayakuyazi-ke impindiselo yami, kusho iNkosi uSimakade.” ’


Ngiyakukwenza ube yidwala elingenalutho, indawo yokwendlala amanetha; awusayukwakhiwa kabusha futhi, ngokuba Mina Simakade ngikhulumile,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Imizi yakini ngiyakuyenza ibe yihlane, wena ube yincithakalo; uyakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Ngiyakukwenza incithakalo yaphakade, imizi yakini ingabe isahlala muntu, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.


Ngiyakubhidliza indlu yasebusika neyasehlobo, kushabalale izindlu ezihlotshiswe ngophondo lwendlovu, kudilike izindlu eziningi,” kusho uSimakade.


“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.


Ngokuba bhekani, uSimakade ukhipha umyalo, uyakushaya indlu enkulu ibe yizimvithi, nendlu encane ibe yimfucumfucu.


Dlulelani eKhaline, nibone; nisuke lapho niye eHamathi elikhulu, bese nehlela eGathi lamaFilisti. Bangcono yini kunale mibuso na? Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?


Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.”


Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.


kodwa ngamzonda u-Esawu, ngenza izintaba zakhe zaba wugwadule, nefa lakhe laba ngelamankentshane asehlane.”


“Ongahambisani nami, umelene nami; ongaqoqi nami, uyahlakaza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka