Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 7:6 - IsiZulu 2020

6 Bonke abesilisa abangabaphristi bayowudlela endaweni engcwele. Ungcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla, udliwe endaweni engcwele; ungcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla; kudliwe endlini engcwele; ingcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 7:6
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukaniswe ngamakamelo angcwele, lapho abaphristi abaseduze noSimakade beyakudlela khona okungcwelengcwele. Bayakubeka lapho umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wesono nomnikelo wecala, ngokuba leyo ndawo ingcwele.


Okuseleyo emnikelweni wokusanhlamvu kuyakuba ngokuka-Aroni namadodana akhe, kuyingxenye yeminikelo yomlilo kaSimakade engcwelengcwele.


Uyakusidla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe esingcwelengcwele nesingcwele.


Uyokhumula izembatho zakhe, agqoke ezinye bese ekhiphela umlotha ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo.


Uyakudliwa yibo bonke abesilisa phakathi kwabaphristi; ungcwelengcwele.


Umphristi uyakukushisa kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo womlilo kuSimakade; kungumnikelo wecala.


Uma umuntu ephethe inyama engcwelisiweyo ingasemphethweni wengubo yakhe, bese ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla okuphekiwe, noma iwayini noma amafutha noma ngabe yikuphi ukudla, sekuyakuba ngcwele yini na?’ ” Abaphristi baphendula bathi: “Cha.”


Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Labo abadla imihlatshelo abasibo yini abahlanganyela ne-althare na?


Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli, nokuthi abakhonza e-althare bathola khona isabelo sabo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka