Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 24:7 - IsiZulu 2020

7 Lapho bekhala kuSimakade, waletha ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe. Wenza ulwandle ukuba lubuyele phezu kwabo lubagubuzele; nakubona engakwenza kwabaseGibhithe; emveni kwalokho nahlala ehlane izinsuku eziningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapho bekhala kuJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho bembiza uJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe, waletha ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu akubona engakwenzayo eGibithe, nahlala isikhathi eside ehlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 24:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade.


Yaba phakathi kwempi yabaseGibhithe nempi yabakwa-Israyeli. Kwakukhona ifu nobumnyama, ifu lakhanyisa ebusuku kodwa akekho owasondela komunye ubusuku bonke.


U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.


Nahlala eKadeshi izinsuku eziningi, nilokhu nihlezi khona.”


“Izinsuku esazihamba sisuka eKadeshi Bharineya size siyowela umfula iZeredi kwaba yiminyaka engama-38, saze saphela sonke leso sizukulwane samabutho empi phakathi kwenkambu, njengalokho uSimakade ayefungile.


UMose wababiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uSimakade akwenza eGibhithe nibuka, kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke:


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


Ngobani-ke ayebathukuthelele iminyaka engama-40 na? Kwakungesibo yini labo abonayo, abazidumbu zabo zadindiliza ehlane na?


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka