Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 18:8 - IsiZulu 2020

8 Amadoda eyesengena indlela; uJoshuwa wabayala labo ababezoloba bachaze ngezwe, wathi: “Hambani kulo lonke izwe nilobe nichaze ngomumo wezwe, bese nibuya nize kimi; ngizonenzela unkatho phambi kukaSimakade eShilo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: “Sukani nihambe ezweni, nililobe, nibuyele kimi, nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Amadoda asuka ahamba; uJoshuwa wabayala ababeyobhala izwe, wathi: “Dabulani izwe, nililobe, nibuyele kimi, ukuze nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova eShilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 18:8
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lihlole lonke leli lizwe, ngoba ngikunika lona.”


Ukwenzele unkatho, isandla sakhe sakukala ngentambo, sababela, kwaba yifa labo laphakade, izizukulwane ngezizukulwane ziyohlala kulo.


Ngalokho-ke masiphokophelele lezo zinto eziletha ukuthula nokwakhana.


Ngalokho-ke lehlukanise leli lizwe libe yifa lezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwana sakwaManase.”


Isabelo sesizwana sabozalo lukaJuda ngokwemindeni yabo sasifinyelela ngaseningizimu emngceleni kwa-Edomi, kuyofika ehlane iZini ekupheleni kweningizimu.


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


UJoshuwa eseShilo wabenzela unkatho phambi kukaSimakade, wababela izwe abakwa-Israyeli kwayilowo nalowo waba nesabelo sakhe.


Anoloba nilichaze izwe nilehlukanise kasikhombisa, bese niletha incazelo kimi, nginenzele unkatho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu.


Ngakho-ke amadoda ahamba, adabula ezweni, aloba encwadini achaza ngomumo walo imizi ngemizi, izabelo eziyisikhombisa; ayesebuyela kuJoshuwa enkanjini eShilo.


USawule wayesethi kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: “Malivele iqiniso.” UJonathani noSawule badliwa wunkatho; abantu basinda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka