Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:11 - IsiZulu 2020

11 Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwathi besabalekela u-Israyeli behla eBeti Horoni, uJehova wawisa phezu kwabo amatshe amakhulu, ehla ezulwini, baze bafika e-Azeka, bafa; babe baningi abafa ngesichotho kunababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kwathi besabaleka phambi kuka-Israyeli besendleleni eya eBeti Horoni, uJehova waphonsa phezu kwabo amatshe amakhulu avela ezulwini kwaze kwaba se-Azeka, bafa; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.


Amabutho empi ahlakazeka agcwala iziganga, ihlathi lawaqeda amaningi, kunalawo adliwa yinkemba ngalolo lusuku.


“Wake wangena yini ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho


engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi na?


Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.


Wehlisa isichotho njengezinhlamvu; ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?


INkosi inalowo oqinileyo nonamandla, ngesandla sakhe uyogumbuqela umhlaba njengesivunguvungu esinesichotho, nesiphepho esichithayo, namanzi anamandla akhukhulayo.


USimakade uyophakama njengentaba iPharazimi, athukuthele njengesigodi iGibheyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe awejwayelekile, afeze umsebenzi wakhe, izenzo zakhe ezimangalisayo!


USimakade uyokwenza izwi lakhe elimangalisayo lizwakale, enze ingalo yakhe ibonakale yehla ngolaka lwakhe oluvuthayo, nangelangabi lomlilo oqothulayo, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


Batshele abagudula ngomcako ukuthi luyakuwa ugange. Kuyakuna imvula enkulu enezikhukhula, nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu ulubhidlize.”


USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.


Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu.


Izinkanyezi zalwa ezulwini, emizileni yazo zalwa noSisera.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka