Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:10 - IsiZulu 2020

10 USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova wabavusa phambi kuka-Israyeli, wababulala eGibeyoni ngokuceka okukhulu, wabaxosha endleleni ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:10
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, ngonyazi wabadidizelisa.


USolomoni walakha kabusha iGezeri, iBhethi Horoni eZansi,


USimakade wawashaya amaKhushe phambi kuka-Asa noJuda; amaKhushe abaleka.


Kepha amabutho u-Amaziya ayewaphindisele emuva, angaphumanga nawo ukuya empini, ahlasela imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBhethi Horoni; abulala kuyo izi-3 000, athatha impango eningi.


Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


Ngesikhathi uSomandla ehlakaza amakhosi lapho, kwakhithika iqhwa eZalimoni.


Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.


USimakade uyophakama njengentaba iPharazimi, athukuthele njengesigodi iGibheyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe awejwayelekile, afeze umsebenzi wakhe, izenzo zakhe ezimangalisayo!


USimakade uyokwenza izwi lakhe elimangalisayo lizwakale, enze ingalo yakhe ibonakale yehla ngolaka lwakhe oluvuthayo, nangelangabi lomlilo oqothulayo, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


ngesikhathi impi yenkosi yaseBhabhele ilwa neJerusalema nemizi yonke yakwaJuda eseleyo, iLakhishi ne-Azeka, ngokuba yiyo imizi ebiyelweyo eyayisele emizini yakwaJuda.


USimakade uyakuphuma alwe nezizwe, kube njengosuku lwakhe lokulwa mhla impi ibambene.


USimakade uNkulunkulu wakho uyakuzinikela kuwe, uyakuzifaka ingebhe, zidideke, zize zibhujiswe.


Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.


UJoshuwa wadla iMakheda ngalolo lusuku, walichitha ngenkemba nenkosi yalo, waqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


UJoshuwa wabathelekela bengazelele; kwazise wayehambe ubusuku bonke esuka eGiligali.


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.


inkosi yaseMakheda: iyodwa; inkosi yaseBhethele: iyodwa;


iJarimuthi, i-Adulamu, iSoko, i-Azeka,


iGederothi, iBhethi Dagoni, iNahama, iMakheda; isiyonke imizi ili-16 nemizana yayo.


siqhubekele ezansi ngasentshonalanga esifundeni samaJafelethi, size siyofika endaweni esezansi eBhethi Horoni bese siya eGezeri; size sigcine olwandle.


Indawo yabozalo luka-Efrayimi ngokwemindeni yabo yama kanje: umngcele wesabelo sabo ngasempumalanga kwakuyi-Atharothi Adari kuze kuyofika enhla neBhethi Horoni,


iKhibhizayimi namadlelo alo, neBhethi Horoni namadlelo alo, imizi emine.


USimakade wamehlula ngenkemba uSisera nazo zonke izinqola zakhe zempi namabutho akhe phambi kukaBharaki, uSisera wehla enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.


UBharaki waxosha amabutho agibele ezinqoleni nahamba ngezinyawo kwaze kwaba seHaroshethi labezizwe. Yonke impi kaSisera yafa ngenkemba, akwasala namunye.


Izinkanyezi zalwa ezulwini, emizileni yazo zalwa noSisera.


esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBhethi Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emngceleni obheke esigodini eZebhoyimi ngasehlane.


AmaFilisti ahlanganisa amabutho awo ukuba ayokulwa; abuthana eSoko kwaJuda, akanisa phakathi kweSoko ne-Azekha, e-Efesi Damimi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka