Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 7:2 - IsiZulu 2020

2 “Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi: “ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze khona leli zwi, uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda abangena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 7:2
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMikhaya wathi: “Ngakho-ke yizwa izwi likaSimakade: ngambona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi; nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye, kwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.


Izinyawo zethu sezimi emasangweni akho, Jerusalema,


Lalelani izwi likaSimakade, nina babusi baseSodoma. Nibeke indlebe esifundisweni sikaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora.


Yizwani izwi uSimakade alikhuluma kini, nina ndlu ka-Israyeli.


USimakade wayesethi kimi: “Memezela wonke lawa mazwi emizini kwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, uthi: ‘Yizwani amazwi alesi sivumelwano, niwenze.


UJeremiya wayesebuya eThofethi lapho uSimakade ayemthume khona ukuba ayophrofetha; wema egcekeni lendlu kaSimakade, wathi kubantu bonke:


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


Yizwani izwi likaSimakade nina ndlu kaJakobe, nani nonke mindeni yendlu ka-Israyeli.


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


Kepha umphrofethi uJeremiya wathi kumphrofethi uHananiya, phambi kwabaphristi nabantu bonke ababemi endlini kaSimakade,


“ ‘Kepha yizwa izwi likaSimakade, Zedekiya, nkosi yakwaJuda. Usho kanje uSimakade ngawe, uthi: awuyukufa ngenkemba.


UBharukhi wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya, endlini kaSimakade, ekamelweni likaGemariya, indodana kaShafani umbhali, elalisegcekeni elingenhla ngasekungeneni kwesango elisha lendlu kaSimakade, wafunda bonke abantu belalele.


Wena hamba, uye endlini kaSimakade ngosuku lokuzila ukudla, ufunde abantu bezwa, ufundele nabo bonke abavela emizini yakwaJuda, wonke amazwi kaSimakade engikutshele wona, wawaloba emqulwini.


UJeremiya wathi kubo bonke abantu, nakubo bonke abesifazane: “Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eniseGibhithe.


Kwafika kuJeremiya izwi livela kuSimakade, lithi:


Isandla sikaSimakade sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaSimakade, sangibeka phakathi esigodini esasigcwele amathambo.


“Yizwani lokhu nina baphristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu, phela nibe wugibe eMizpha nenetha elendlaliweyo eThabhori.


Ngakho-ke lalela izwi likaSimakade. Wena uthi: “ ‘Ungaphrofethi ngokumelene no-Israyeli, ungalokothi uphrofethe okubi ngendlu ka-Isaka.’


Yizwani nonke bantu, ulalele mhlaba nakho konke okukuwe, iNkosi uSimakade izofakaza imelene nani, iNkosi ivela ethempelini layo elingcwele.


Ngathi: “Ake nizwe nina zinhloko zakwaJakobe, nani baholi bendlu ka-Israyeli. Akunina yini okufanele nazi ubulungiswa na?


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


UJesu wamphendula, wathi: “Ngikhulumile esidlangalaleni ezweni. Ngezikhathi zonke, bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho kubuthana khona bonke abaJuda, angikhulumanga lutho ngasese.


“Hambani, niye ethempelini, nikhulume kubantu bonke amazwi alokhu kuPhila.”


Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoKhristu uJesu imihla ngemihla, ethempelini nasemakhaya.


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka