Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi: “ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze khona leli zwi, uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda abangena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 7:2
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMikhaya wathi: “Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.


Izinyawo zethu sezimi emasangweni akho, Jerusalema,


Yizwani izwi likaJehova nina babusi baseSodoma, nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.


Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli.


Wayesethi uJehova kimi: “Memeza onke lawa mazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, uthi: ‘Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwenze.


Wayesebuya uJeremiya eThofeti lapho uNkulunkulu ayemthume khona ukuba aprofethe; wema agcekeni lendlu kaJehova, wathi kubantu bonke:


“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.


Zwanini izwi likaJehova nina ndlu kaJakobe, nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.


“Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.


Kepha umprofethi uJeremiya wathi kumprofethi uHananiya phambi kwabapristi, nabantu bonke ababemi endaweni kaJehova,


“ ‘Kepha yizwa izwi likaJehova, Sedekiya, nkosi yakwaJuda. Usho kanje uJehova ngawe, uthi: Awuyikufa ngenkemba;


UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni likaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.


Hamba wena, ufunde emqulwini owulobileyo, uthathe emlonyeni wami, amazwi kaJehova ezindlebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo.


UJeremiya wathi futhi kubantu bonke nakubo bonke abesifazane: “Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enisezweni laseGibithe.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.


“Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi: “ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli, ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’


Zwanini, bantu bonke, uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho, iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Ngathi: “Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe, nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga


Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,


UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.


“Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.”


abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.”


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka