Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 49:2 - IsiZulu 2020

2 Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi eRabha labakwa-Amoni. Liyophenduka indunduma yencithakalo, imizana yalo ishiswe ngomlilo; u-Israyeli uyokwephuca labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi ngeRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo, u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, engiyakuhlaba umkhosi wempi eRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yinqumbi eyincithakalo, namadodakazi alo ashiswe ngomlilo; u-Israyeli uyakuba yindlalifa yendlalifa yakhe,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 49:2
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.


Intaba iZiyoni mayithokoze, kwethabe amadodakazi akwaJuda, ngenxa yezehlulelo zakho.


IZiyoni liyezwa, futhi lithokozile, namadodakazi akwaJuda ayethaba, ngenxa yezehlulelo zakho, Simakade,


Bayohlangana bahlasele amaFilisti entshonalanga, baphange abantu basempumalanga, bayakumelana nabakwa-Edomi nabakwaMowabi, ama-Amori ayoba ngaphansi kwesandla sabo.


Isiphrofetho ngeDamaseku. “Yazini ukuthi iDamaseku liyoshatshalaliswa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?


Enye indlela okuzofika ngayo inkemba, uyenze eRabha labakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.


“ ‘Wena-ke sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elikhohlakeleyo, usuku lwakho-ke selufikile, isikhathi sakho sokujeziswa okokugcina;


Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Abantu baseNegevu bayakudla intaba ka-Esawu, kuthi abaseShephela badle elamaFilisti, elakwa-Efrayimi nelaseSamariya, abakwaBhenjamini badle iGileyadi.


Kuyothi lapho niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinihlaselayo, nihlabe umkhosi ngamacilongo. USimakade uNkulunkulu wenu uyonikhumbula, anisindise ezitheni zenu.


U-Israyeli wayidla yonke leyo mizi; wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshibhoni nasemizini yonke yalo.


Yonke impango yawo uyoyiqoqela phakathi nesigcawu sawo, uwushise ngomlilo, nayo yonke impango yawo, kube ngumnikelo wokushiswa kuSimakade uNkulunkulu wakho, umuzi ube yincithakalo yaphakade, ungabe usavuselelwa.


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


Phakathi kwelakwa-Isakhari nakwa-Asheri uManase wabelwa iBhethi Sheyani nemizana yalo, iJibheleyami nemizana yalo, izakhamuzi zaseDori nemizana yalo, ezase-Eni Dori nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, elesithathu yiNafathi.


Abozalo lukaJosefa bathi: “Elezintaba alisanele, kodwa wonke amaKhanani ahlala emathafeni anezinqola zensimbi, lawo aseBhethi Sheyani nemizana yalo, nalawo asesigodini iJizreyeli.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka