Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 49:1 - IsiZulu 2020

1 Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli kanamadodana, kanandlalifa, na? UMilkomu udleleni ifa likaGadi, abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngabantwana bakwa-Amoni, usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli akanamadodana na? akanayo indlalifa? Pho kungani inkosi yabo ithatha uGadi futhi ihlalise abantu bayo emizini yakhe?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 49:1
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Indodakazi encane yazala nayo umfana yamqamba yathi nguBheni-Ami. Ungukhokho wesizwe sabakwa-Amoni nanamhlanje.


kusukela eJordani ngasempumalanga, lonke izwe lakwaGileyadi, lakwaGadi, lakwaRubeni, nalakwaManase, kusukela e-Aroweri elingasemfuleni i-Arinoni, kwaGileyadi naseBhashani.


USimakade wathumela kuye amaviyo amaKhaledi, awama-Aramu, awakwaMowabi nawakwa-Amoni, wawathumela ukuba ambhubhise uJuda njengezwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo wezinceku zakhe, abaphrofethi.


Kwathi emveni kwalokho kwafika abakwaMowabi nabakwa-Amoni nabanye bakwaMehuni bezokulwa noJehoshafathi.


Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa.


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


Lapho uSanibhalathi, uThobiya, ama-Arabhu, ama-Amoni nama-Ashidodi, bezwa ukuthi ugange eJerusalema luyakhuphuka nokuthi izimfa ziyavalwa, bathukuthela kakhulu,


noGebhali, u-Amoni, u-Amaleki, iFilistiya nabakhile eThire.


Izitha ziphelile, zabhujiswa, wayisiphula imizi yazo, kwaphela nya ukukhunjulwa kwazo.


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


nabakwa-Edomi, nabakwaMowabi, nabakwa-Amoni,


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


ukuthumele enkosini yakwa-Edomi, kweyakwaMowabi, enkosini nakubantu bakwa-Amoni, kweyaseThire neyaseSidoni, ngesandla sezithunywa ezifike eJerusalema kuZedekiya, inkosi yakwaJuda.


Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye, kulo iNebho, ngokuba liyakubhujiswa, lithelwe ngehlazo, libanjwe iKiriyathayimi, ngokuba liyakuthelwa ngehlazo, izinqaba zalo zibe yimvithi!


Mayelana neDamaseku. “IHamathi ne-Ariphadi kujabhile, kwaphela amandla, ngokuba kuzwe izindaba ezimbi, kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.


Mayelana neKhedari, nangemibuso yaseHazori, eyayinqotshwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele. Usho kanje uSimakade, uthi: “Khuphukelani eKhedari, nibhubhise abantu basempumalanga.


Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?


“ ‘Wena-ke sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elikhohlakeleyo, usuku lwakho-ke selufikile, isikhathi sakho sokujeziswa okokugcina;


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


nabakhothama ophahleni bekhuleka kulo ibandla lasezulwini, nabakhothamela ukufunga kuSimakade bebe befunga nakuMalkhamu,


Abozalo lukaGadi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:


Akothi lapho ususeduze nabakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyukukunika izwe labakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanike lona abozalo lukaLothi libe yifa labo.’ ”


“Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade.


Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka