Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 22:9 - IsiZulu 2020

9 Bayophendula ngalokho, bathi: ‘Kungokuba basishiyile isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bayakuthi: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bazakuthi: Kungokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza abanye onkulunkulu, babakhonza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 22:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo. Intukuthelo yami iyakuyivuthela le ndawo, futhi ayiyukucinywa.’


ngokuba bangihlubukile, bayoshisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo. Intukuthelo yami ezakuthululelwa kule ndawo ayiyukucinywa.’


Babuyele eziphambukweni zokhokho babo bokuqala, abala ukulalela amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze. Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zasephula isivumelwano sami engasenza nokhokho babo.


uyothi kubo usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uqalekisiwe umuntu ongawalaleli amazwi alesi sivumelwano,


Uyakuthi kubo: ‘Kungenxa yokuthi okhokho benu bangishiya,’ kusho uSimakade, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abawugcinanga umthetho wami.


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


USimakade wathi: “Kungenxa yokuba bawushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo. Abalilalelanga izwi lami futhi abahambanga ngalo.


Kepha ngiyakuyishiya insali eyingcosana, isinde enkembeni, endlaleni, nasobhubhaneni, ukuze ilande ngazo zonke izinengiso zabo ezizweni lapho beyakuya khona, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.”


Izizwe ziyakukwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yaya ekuthunjweni ngenxa yokona kwayo. Ngokuba babengathembekile kimi, ngase ngibusitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bafa bonke ngenkemba.


Kuyakuba yihlazo, isaga, isexwayiso, nokwesabekayo ezizweni zonke ezikuzungezileyo, lapho ngikwehlulela ngentukuthelo, ngolaka nangokukuthethisa. Mina Simakade ngikhulumile.


Yebo, zonke izizwe ziyothi: ‘USimakade wenzeleni kanje kuleli lizwe na? Kungani ukuvutha kwalolu laka kukukhulu kangaka na?’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka