Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 22:8 - IsiZulu 2020

8 “Izizwe eziningi ziyokwedlula kulo muzi, kube yileso naleso sithi kwesinye: ‘USimakade ukwenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Izizwe eziningi ziyakudlula kulo muzi, zisho, kube yileso naleso kwesinye, ukuthi: ‘UJehova wenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izizwe eziningi ziyakudlula kulo muzi, zithi, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe: ‘UJehova wenzeleni lokhu kulo muzi omkhulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 22:8
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu wonke lawa mazwi, bayokuthi kuwe: ‘USimakade ukhulumeleni wamelana nathi, ngayo yonke le nhlekelele enkulu kangaka na? Buyini ububi bethu na? Siyini isono esone ngaso kuSimakade uNkulunkulu wethu na?’


Induna yabalindi yamthatha uJeremiya, yathi kuye: “USimakade uNkulunkulu wakho ukhulumile konke lokhu okubi ngale ndawo,


uSimakade usekulethile, wakwenza njengokusho kwakhe, ngokuba nonile kuSimakade, kanililalelanga izwi lakhe, yingakho nehlelwe yilokhu.


Amakhosi omhlaba, nazo zonke izakhamuzi zawo, azikholwanga ngukuthi izitha nabamelene neJerusalema babengangena emasangweni alo.


Kepha ngiyakuyishiya insali eyingcosana, isinde enkembeni, endlaleni, nasobhubhaneni, ukuze ilande ngazo zonke izinengiso zabo ezizweni lapho beyakuya khona, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.”


Izizwe ziyakukwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yaya ekuthunjweni ngenxa yokona kwayo. Ngokuba babengathembekile kimi, ngase ngibusitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bafa bonke ngenkemba.


Kuyakuba yihlazo, isaga, isexwayiso, nokwesabekayo ezizweni zonke ezikuzungezileyo, lapho ngikwehlulela ngentukuthelo, ngolaka nangokukuthethisa. Mina Simakade ngikhulumile.


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka