Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 20:4 - IsiZulu 2020

4 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngizokwenza uzesabe wena luqobo, wesatshwe nayibona bonke abangani bakho. Bayokuwa ngenkemba yezitha zabo, ubuka ngawakho amehlo, uJuda wonke ngiyakumnikela esandleni senkosi yaseBhabhele; iyobathumbela eBhabhele, ibabulale ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwenza ukuba ube yingebhe kuwe nakubangane bakho bonke; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho abone; ngiyakumnikela wonke uJuda esandleni sami. Yenkosi yaseBhabhiloni, futhi iyobayisa ekuthunjweni eBhabhiloni futhi ibabulale ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 20:4
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana kaZedekiya abulawa phambi kwakhe, uZedekiya amkhipha amehlo, ambopha ngamaketanga, amyisa eBhabhele.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bafa, babhubha benovalo.


Laba bantu ababi bayenqaba ukulalela amazwi ami, bahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, nokuba bakhuleke kubo, bazofana nale ndwangu yasokhalo, engasenamsebenzi walutho.


Imizi eNegevu ivaliwe, akekho oyivulayo. UJuda wonkana uthunjiwe, uthunjwe ngokupheleleyo.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo, yonke inhlekelele engikhulume ngayo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, bangawalalela amazwi ami.’ ”


Wena, Phashuri, nabo bonke abahlala endlini yakho, niyakuthunjwa. Uyakuya eBhabhele, kodwa uyofela khona, ungcwatshwe khona, wena nabo bonke abangani bakho ophrofethe kubo amanga.’ ”


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngo-Ahabi, indodana kaKolaya nangoZedekiya, indodana kaMahaseya, abaphrofetha amanga kini egameni lami, uthi: “Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, uyakubabulala nibuka ngamehlo enu.


Kepha ngiboneni na? Bayathuthumela, babuyela emuva. Amaqhawe abo ayakunqotshwa, ayabaleka nokubaleka, awasabheki emuva; kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.


Induna yabalindi yathumba uSeraya, umphristi omkhulu, noZefaniya, umphristi wesibili, nabalindimnyango abathathu.


Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulala lapho eRibhila, eHamathi. UJuda wathunjwa kanjalo-ke ezweni lakubo.


Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.


Kepha umuntu engingayukumsusa e-althare lami phambi kwakho, yilowo oyoletha izinyembezi aze afiphazeke amehlo akho, noyogcwalisa umphefumulo wakho ngosizi. Bonke abendlu yakho bayakufa sebengamadoda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka