Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 45:1 - IsiZulu 2020

1 UJosefa wayengasakwazi ukuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala, wathi: “Khiphani bonke abanye abalapha phambi kwami.” Kwakungasekho muntu ngesikhathi uJosefa eziveza kubafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJosefa wayengenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi ngakuye; wamemeza wathi: “Yilowo nalowo makasuke kimi.” futhi kwakungekho muntu owama ngakuye lapho uJosefa ezazisa kubafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 45:1
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabafulathela, wakhala; wabuye waphindela kubo, wakhuluma nabo, wayesesusa uSimeyoni kubo, waboshwa bebuka.


Ngingabuyela kanjani kubaba engekho umfana na? Funa ngibone okubi okungahle kwehlele ubaba.”


“Ningakusho eGathi, ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.


Wathatha ibhodwe wawathulula ebuka, kodwa u-Amnoni wenqaba ukudla. Wathi: “Khipha bonke abantu.” Baphuma bonke abantu lapho.


“Sengithule isikhathi eside; ngizibambile ngathula. Sengizokhala njengowesifazane ebeletha, ngihefuzele, ngibitoze ngasikhathi sinye.


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa. Uma ekulalele, uyobe umzuzile.


hhayi kubantu bonke, kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu phambilini, esasidla siphuza naye, emva kokuba esemvusile kwabafileyo.


Kwathi sebebuyela okwesibili, uJosefa waziveza kubafowabo, uFaro wayesaziswa ngomndeni kaJosefa.


aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka