Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 44:8 - IsiZulu 2020

8 Bheka, imali esayithola emilonyeni yamasaka ethu, sabuya nayo sisuka eKhanani. Pho singaleba kanjani isiliva noma igolide endlini yenkosi yakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bheka, imali esayifumana emaphaketheni ethu sayibuyisela kuwe sivela ezweni laseKhanani; pho, besingeba kanjani isiliva negolide endlini yenkosi yakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 44:8
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base behlanganisa amakhanda, bavumelana bathi: “Impela sinecala ngomfowethu, salubona usizi enhliziyweni yakhe, esincenga ukuba simhawukele, kodwa asimlalelanga, yingakho sivelelwa yinkathazo enje.”


Omunye kuthe evula isaka lakhe esikhungweni sokulala ukuba anike imbongolo yakhe ukudla, wafica imali yakhe emlonyeni wesaka.


Kuthe lapho sebethulula amasaka abo, bamangala bonke lapho bebona ukuthi isikhwama semali salowo nalowo sisesakeni. Lapho bona noyise bebona ukuthi isikhwama salowo nalowo sisesakeni lakhe, bashaywa wuvalo.


niphathe imali ephindwe kabili, nibuyisele leyo mali eyayifakwe emilonyeni yamasaka enu, kungenzeka ukuthi yayingene ngephutha.


Bafikelwa yingebhe lapho bebona ukuthi bangeniswe endlini kaJosefa, bathi: “Kungenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu ekuqaleni, ngakho-ke silethwe kule ndawo ukuze asizume, asithathe asenze izigqila, aqhwage nezimbongolo zethu.”


Ayesethi kuyo: “Kungani inkosi yami ikhulume amazwi anjengalawa na? Zingayenza kanjani izinceku zakho into efana naleyo na?


Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi kuye: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;


Lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ngabe ukhona omunye umyalo, kodwa kufingqwe kuleli lizwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka