Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 26:8 - IsiZulu 2020

8 U-Isaka esenesikhathi ezinze kuleyo ndawo, u-Abhimeleki, inkosi yamaFilisti, ezibukela nje ngefasitela, wamelamela u-Isaka ewotawota umkakhe uRibheka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwathi esehlale khona isikhathi eside, u-Abimeleki inkosi yamaFilisti walunguza efasiteleni, wabona; bheka, u-Isaka wayetekula noRebeka umkakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi, eselapho isikhathi eside, u-Abimeleki, inkosi yamaFilisti, walunguza ngefasitela, wabona, bheka, u-Isaka edlala noRebeka umkakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 26:8
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho amadoda akuleyo ndawo embuza ngomkakhe, wathi kuwo: “Ungudadewethu,” ngokuba wayengafuni ukulikhipha ngembaba elokuthi ngumkakhe, esaba ukuthi amadoda endawo azomsoconga ngenxa kaRibheka, kwazise wayemuhle kakhulu.


U-Abhimeleki wambiza u-Isaka, wathi: “Bheka, ngumkakho lo. Kungani pho uthe ngudadewenu na?” U-Isaka waphendula wathi: “Yingoba ngangicabanga ukuthi ngingase ngife ngenxa yakhe.”


Ngisefasiteleni lendlu yami, ngalunguza ngekhethini lami,


Jabulela impilo nomkakho omthandayo, zonke izinsuku zempilo yakho eyize akunike yona phansi komthunzi welanga, ngoba yisona sabelo sempilo yakho emshikashikeni wakho owushikashika phansi komthunzi welanga.


Othandiweyo wami ufana nensephe noma isixhumo sendluzele. Bheka, lona omi ngemuva kodonga lwakwethu; ugqolozele emafasiteleni, upopola ngamakhethini.


Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


“Walunguza efasiteleni unina kaSisera, wakhala ngemuva kwekhethini, ethi: ‘Ilibaleleni inqola yakhe ukubuya, na? Uphi umsindo wezinqola zakhe, na?’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka