Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 16:11 - IsiZulu 2020

11 Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ukhulelwe manje, uzozala indodana, uyiqambe igama uthi ngu-Ishmayeli, ngokuba uSimakade uluzwile usizi lwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi u-Ishmayeli,* ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, ukhulelwe, futhi uzozala indodana, uyiqambe ngokuthi u-Ishmayeli; ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 16:11
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.


UNkulunkulu wakuzwa ukukhala komfana. Ingelosi kaNkulunkulu yammemeza uHagari isezulwini, yathi kuye: “Kwenzenjani Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ukuzwile ukukhala komfana, lapho ekhona.


Bahlala phansi, badla; kuthe bephakamisa amehlo, babona ihele labakwa-Ishmayeli liqhamuka kwaGileyadi, amakameli abo ethwele inhlaka, nebhalisamu, nemure, bekwehlisela eGibhithe.


Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula, ngenxa yokweswela ukudla na?”


ngokuba akamedelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohlushwayo. Akamfihlelanga ubuso bakhe, kodwa wamuzwa ngesikhathi enxusa.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakhariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elizabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama uthi nguJohane.


Uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama uthi nguJesu.


Wacela isileti, waloba wathi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke.


Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi uHana wakhulelwa, wazibula ngendondana, wayiqamba igama wathi nguSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuSimakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka