Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 16:10 - IsiZulu 2020

10 Yaqhubeka yathi: “Ngiyozandisa izizukulwane zakho zibe ziningi kangangokuthi azinakubalwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye: “Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ingabe isabalwa ngobuningi bayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ingilosi yeNkosi yasisithi kuye: Ngizakwandisa kakhulu inzalo yakho, ukuze ingabalwa ngobunengi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 16:10
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.


Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Buyela kuyo inkosikazi ufike uzithobe.”


Mayelana no-Ishmayeli ngisizwile isicelo sakho, naye ngizombusisa ngimuphe inzalo eningi, nezizukulwane eziningi. Uyakuba nguyise wamakhosi ayi-12, ngimenze abe yisizwe esikhulu.


Kepha nozalo lwendodana yesigqila ngiyolwenza lube yisizwe esikhulu, ngoba nalo luyinzalo yakho.”


Wasuka wathi qekelele, wahlala phansi ibanga elingangokuciba umcibisholo, ngokuba wathi: “Mangingakuboni ukufa komfana.” Wahlala phansi phambi kwakhe wadazuluka, wakhala.


Phakama umthathe umfana, umbambe ngesandla umqinise, ngokuba ngizomenza abe yisizwe esikhulu.”


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Ingelosi kaSimakade yafika e-Ofira yahlala phansi komu-okhi, owawungokaJowashi umAbhiyezeri, ngesikhathi indodana yakhe, uGideyoni, ibhula ukolo esikhamweni sewayini, ukuze iwufihlele abakwaMidiyani.


USimakade wathi kuye: “Ngizokuba nawe, uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi ubulala umuntu oyedwa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka