Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 15:9 - IsiZulu 2020

9 Wathi kuye: “Ngilethele isithole esineminyaka emithathu, imbuzikazi eneminyaka emithathu, inqama eneminyaka emithathu, ihobhe nephuphu lejuba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wathi kuye: “Ngithathele ithokazi elineminyaka emithathu, nethokazi elineminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 15:9
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrama wakuletha kuSimakade konke lokho, wakwehlukanisa izingxenye ezimbili, wazihlela izinhlangothi zabhekana, kodwa izinyoni akazehlukanisanga.


U-Abhrama wathi kuye: “Nkosi Simakade, ngiyokwazi kanjani ukuthi liyokuba yifa lami na?”


U-Abhrahama waphakamisa amehlo wabona; bheka, nansi inqama emva kwakhe ibhajwe ngezimpondo ehlozini. Wayithatha inqama wenza ngayo umhlatshelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.


“Buthelani kimi abathembekileyo bami, abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”


umhlaba usuhlobe ngezimbali, isikhathi sokuthena imivini sesifikile, sekuzwakala nomsindo wokulilizela kwamajuba ezweni lakithi.


Inhliziyo yami ikhalela abakwaMowabi; ababalekileyo bakhona babalekela eZowari nase-Egila shelishiya; bakhuphukela eLuhithe bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi bayadazuluka.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.


“ ‘Uma umnikelo wakhe kuSimakade kungowezinyoni, uyakukhetha umnikelo wakhe phakathi kwamahobhe noma amaphuphu amajuba.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


“ ‘Lapho seziphelile izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe emveni kokubeletha umfana noma intombazane, uyoletha iwundlu leduna elinonyaka, libe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono. Lokhu uyokuletha kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana.


“ ‘Uma engenamandla okuthola imvu, uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye liyoba ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umphristi uyomenzela ukubuyisana; ahlambuluke.’ ”


namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, ngokwamandla akhe. Elinye liyoba ngumnikelo wesono. Elinye libe ngumnikelo wokushiswa.


Uyonikela ngelinye lamahobhe noma ngelinye lamaphuphu ejuba, njengalokhu engaphumelela ukwenza.


“ ‘Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula, ophuma emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi, uyonikela ngokungenasici phambi kukaSimakade.


Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula kuSimakade ovela emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi uyonikela ngokungenasici.


Wathi ku-Aroni: “Zithathele ithole leduna libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa okungenasici, unikele ngakho phambi kukaSimakade.


nenkunzi nenqama kube yiminikelo yokuthula, nikuhlabe phambi kukaSimakade, nomnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha, ngokuba namuhla uSimakade uzozibonakalisa kini.’ ”


nokuba banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi, amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka