Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 15:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Wathi kuye: “Ngilethele isithole esineminyaka emithathu, imbuzikazi eneminyaka emithathu, inqama eneminyaka emithathu, ihobhe nephuphu lejuba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wathi kuye: “Ngithathele ithokazi elineminyaka emithathu, nethokazi elineminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 15:9
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga.


Wathi: “Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?”


U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.


“Buthelani kimi abangcwele bami abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”


izimbali ziyabonakala emhlabeni, nesikhathi sokuthena imivini sesisondele, nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.


Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.


“ ‘Uma umnikelo wakhe kuJehova ungumnikelo wokushiswa kwezinyoni, wonikela ngomnikelo wamahobhe noma ngowamaphuphu amajuba.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


“ ‘Nanxa seziphelile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono, akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi,


“ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke.’ ”


namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.


Uyakunikela ngelinye lamahobhe noma ngelamaphuphu amajuba, njengalokho angaphumelela kukho,


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumhlatshelo weminikelo yokuthula, enikela ngowemihlambi, noma iduna noma insikazi, wonikela ngawo phambi kukaJehova ungenasici.


“ ‘Uma umnikelo wakhe nomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ungowezimvu, noma iduna noma insikazi, wonikela ngawo ungenasici.


wathi ku-Aroni: “Mawuzithathele ithole lenkunzi, libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova.


nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ”


banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi: “Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka