Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 1:16 - IsiZulu 2020

16 UNkulunkulu wenza izikhanyisi ezinkulu ezimbili, isikhanyisi esikhulu ukubusa emini, nesikhanyisi esincane ukubusa ebusuku, nezinkanyezi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, kanye nezinkanyezi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UNkulunkulu wenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu; ukukhanya okukhulu ukubusa emini nokukhanya okuncane ukubusa ebusuku; Wenza nezinkanyezi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 1:16
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

zibe yizikhanyisi esibhakabhakeni, zikhanyisele umhlaba.” Kwaba njalo.


uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nokuthi inyanga ihamba icwazimula,


lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na?


Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.


Konke makudumise igama likaSimakade, ngokuba nguYena owayaleza, kwadaleka.


Liphuma emikhawulweni yamazulu, lizungeze lize liyozilahla ekugcineni kwayo; akukho lutho olufihlakele ekushiseni kwalo.


Usuku lungolwakho, nobusuku bungobakho; nguWena owenza ukukhanya nelanga.


Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,


Ngokuba izinkanyezi zezulu nomthala akuyukukhanya; ukukhanya kwakho kuyofiphala, ilanga liyoshona entathakusa, nenyanga lapho iphuma ayiyukukhanya.


Inyanga iyakukhophozela, ilanga libe namahloni, ngokuba uSimakade Wamabandla uyobusa entabeni iZiyoni naseJerusalema, phambi kwamalunga akhe, inkazimulo yakhe ibe phambi kwamalunga akhe.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.


Usho kanje uSimakade obeka ilanga ukuba likhanyise emini, nezikhathi ezimisiwe zenyanga nezezinkanyezi, ukuba zikhanyise ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo; nguSimakade Wamabandla igama lakhe, uthi:


Ilanga nenyanga kwama nse endaweni yakho ngokubenyezela kwemicibisholo yakho eshwezayo nangokunyazima komkhonto wakho okhanyayo.


“Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa nenkazimulo yezinkanyezi. Yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka