Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 8:4 - IsiZulu 2020

4 Amasele azokhuphukela kuwe nakubantu bakho, nakuzo zonke izinceku zakho.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yebo, kuwena, nakubantu bakho, nasezincekwini zakho zonke ayakwenyukela amasele.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amaxoxo ayakukhuphukela kuwe nakuzo abantu bakho nakuzo zonke izinceku zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 8:4
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yayisithi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Ake unginxusele kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphile.” Umuntu kaNkulunkulu wayinxusela inkosi kuSimakade, saphila isandla sayo, saba njengakuqala.


Izikhulu wazithela ngendelelo, wabazulazulisa ehlane kungenandlela.


Ngithetheleleni isono sami ngalesi sikhathi nje esisodwa, ningikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wenu ukuze asuse lokhu kufa phezu kwami.”


USimakade wenza kanjalo, izinkumbi zezibawu zahlasela indlu kaFaro, nezindlu zezinceku zakhe, nalo lonke iGibhithe, kwaba nomonakalo ngenxa yezibawu.


Umfula iNayili uzogcwala amasele, azokwenyuka, enyukele endlini yakho, nasekamelweni lakho, embhedeni wakho, nasemizini yezinceku zakho, neyabantu bakho, nakohhavini nasezitsheni zokuxovela inhlama.


USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Yelula isandla ophethe ngaso induku, uselulele phezu kwemithombo, imifula, namachibi, ukhiphele eGibhithe amasele.’ ”


Khulekani kuSimakade; sekwanele lokhu kuduma kukaNkulunkulu okungaka nesichotho. Ngizonivumela nihambe, ningabe nisachitha sikhathi lapha.”


Izikhulu zaseZowani ziyiziwula ngempela, abeluleki abahlakaniphileyo bakaFaro beluleka ubuwula. Ningasho kanjani kuFaro, nithi: “Ngiyindodana yezihlakaniphi, isizukulwane samakhosi asemandulo” na?


USimakade uyolishaya iGibhithe, alishaye abuye aliphilise; bayobuyela kuSimakade, bamnxuse, abaphulukise.


NguSimakade Wamabandla ocebe lokho, ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Abantu baya kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngawe nangoSimakade; sikhulekele kuSimakade ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka