Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 3:9 - IsiZulu 2020

9 Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bheka, manje ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli sekufike kimi; futhi ngikubonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Manje, bheka, ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli kwafika kimi, futhi ngabona ukucindezela abaseGibhithe ababebacindezela ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 3:9
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ukhulelwe manje, uzozala indodana, uyiqambe igama uthi ngu-Ishmayeli, ngokuba uSimakade uluzwile usizi lwakho.


“Yathi: ‘Bheka phezulu, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zinemishu, ezinye zimabhadubhadu, nezinye ziyihunqu; ngokuba ngikubone konke uLabani akwenza kuwe.


UJehowahazi wamnxusa uSimakade, uSimakade wamuzwa. USimakade wabona ingcindezelo inkosi yase-Aramu eyayicindezele ngayo u-Israyeli.


“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.


“Wakubona ukuhlupheka kokhokho bethu eGibhithe nasoLwandle Lomhlanga, wakuzwa ukunxusa kwabo.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.


AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”


Kwaba khona inkosi entsha eGibhithe eyayingamazi uJosefa.


Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


UNkulunkulu wababheka abantu bakwa-Israyeli, futhi wabanakekela.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Sakhala kuSimakade uNkulunkulu wokhokho bethu, uSimakade walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, umshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu.


“Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka