Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bheka, manje ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli sekufike kimi; futhi ngikubonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Manje, bheka, ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli kwafika kimi, futhi ngabona ukucindezela abaseGibhithe ababebacindezela ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 3:9
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi u-Ishmayeli,* ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.


Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.


UJehowahazi wakhuleka kuJehova, uJehova wamuzwa, ngokuba wabona ukucindezelwa kuka-Israyeli ukuthi inkosi yase-Aramu yayibacindezela.


“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.


“Wabona ukuhlupheka kwawobaba eGibithe, wezwa ukukhala kwabo ngaseLwandle Olubomvu;


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.


Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.


UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”


Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa.


Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.


UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


sase sikhala kuJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wabona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu;


“Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka