Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 10:7 - IsiZulu 2020

7 Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Kuyoze kube nini lo mfokazi ewugibe kithi na? Bavumele abantu ukuba bahambe, ukuze bayokhonza uSimakade uNkulunkulu wabo; awuboni yini ukuthi iGibhithe liyabhubha na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye: “Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Koze kube nini lowo ewugibe kithi na?” abantu mabahambe, bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo; kawukazi yini ukuthi iGibhithe selibhujisiwe?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 10:7
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


AbaseGibhithe bancenga abantu ukuba basheshe baphume ezweni, ngokuba bathi: “Thina sonke sizokufa.”


Abayukuhlala ezweni lakini, funa banenze none kimi, ngokuba uma nikhonza onkulunkulu bazo, bayokuba wugibe kini.”


AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”


Osomlingo bathi kuFaro: “Lona ngumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akafunanga ukubalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Ugibe lusesiphambekweni somuntu omubi, kodwa olungileyo uhlabelela ngentokozo.


Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.


Awusoze wahlangana nabo egodini, ngokuba waba yimbangela yencithakalo ezweni lakini; wabulala abantu bakini. Sengathi izizukulwane zezikhohlakali zingebe zisaphathwa naphakade.


Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?


UMowabi ubhujisiwe; abancane bakhe nezinceku zakhe bakhala kalusizi.


IBhabhele seliwe ngokuphazima kweso, libhidliziwe. Likhihleleni isililo, ubuhlungu balo nibutholele ibhalisamu, hleze lingelapheka.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Ngikhuluma lokhu ukuze nisizakale, angiqondile ukunicindezela; kodwa ukuba nihambe ngokufanele, nibambelele eNkosini, ningaphazanyiswa yilutho.


yazini impela ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu akayukuqhubeka axoshe lezi zizwe phambi kwenu, kodwa ziyoba wugibe nonoxhaka kini, nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wenu aninike lona.


Wayesethi uSawule: “Ngiyakumganisela yena abe lugibe kuye, ukuze isandla samaFilisti simenzakalise.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana ngokwesibili namuhla.”


Bathumela, baqoqela ndawonye wonke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwaba khona ukwesaba okukhulu emzini wonke, besaba ukufa. Bheka, isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu kubo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka