Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 10:6 - IsiZulu 2020

6 Sizogcwala ezindlini zakho, ezindlini zezinceku zakho, nasezindlini zabo bonke abaseGibhithe, into engakaze ibonwe ngokhokho benu, ngisho nokhokho bokhokho benu, kusukela ngosuku abafika ngalo emhlabeni kuze kube yilolu lusuku lwanamuhla.’ ” Wayesephenduka, waphuma phambi kukaFaro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Izindlu zakho, nezindlu zezinceku zakho zonke, nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso, abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo, selokhu bafika emhlabeni kuze kube namuhla.’ ” Waphenduka, waphuma kuFaro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ziyogcwalisa izindlu zakho nezindlu zazo zonke izinceku zakho nezindlu zabo bonke abaseGibhithe; engabonanga oyihlo nawoyihlo, kusukela osukwini ababekhona emhlabeni kuze kube namuhla. Waphenduka, wamuka kuFaro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 10:6
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Phinde neze! Hambani nina madoda niyokhonza uSimakade, ngokuba yilokho enikucelileyo.” Base bexoshwa phambi kukaFaro.


Kuzokuba nesililo esikhulu, esingakaze sibe khona, futhi esingayukuphinde sibe khona kulo lonke iGibhithe.


Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.


Ngokuba uma ungabavumeli abantu bami, ngiyothumela izinkumbi zezibawu kuwe, ezincekwini zakho, kubantu bakho, nasezindlini zenu. Ezindlini zabaseGibhithe kuzogcwala izinkumbi zezibawu, ngisho nasezweni abahlala kulo imbala.


Umfula iNayili uzogcwala amasele, azokwenyuka, enyukele endlini yakho, nasekamelweni lakho, embhedeni wakho, nasemizini yezinceku zakho, neyabantu bakho, nakohhavini nasezitsheni zokuxovela inhlama.


Uyabona-ke, kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela isichotho esinamandla amakhulu, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba khona kuze kube namuhla.


Kwehla isichotho nomlilo, nokuphazima okwakuhambisana nesichotho esasinamandla, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba yisizwe.


Usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, njengentathakusa yendlaleka ezintabeni, kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla abangakaze babekhona kwasemandulo, nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo kuze kube yiminyaka yezizukulwane ngezizukulwane.


Batheleka emzini, bagijime ogangeni; bakhuphukele ezindlini, bangulukudele ngamafasitela njengesela.


Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka