Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 10:1 - IsiZulu 2020

1 USimakade wayesethi kuMose: “Hamba uye kuFaro, ngokuba ngiyenze yaba lukhuni inhliziyo yakhe neyezinceku zakhe, ukuze ngikhombise lezo zibonakaliso zami kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, ngokuba ngenze lukhuni inhliziyo yakhe nenhliziyo yezinceku zakhe ukuba ngizenze lezi zibonakaliso zami phakathi kwabo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 INkosi yasisithi kuMozisi: Ngena kuFaro, ngoba mina ngenze lukhuni inhliziyo yakhe lenhliziyo yenceku zakhe ukuthi zimemezele lezi zibonakaliso zami phambi kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 10:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu ungumehluleli olungileyo, noNkulunkulu othukuthela nsuku zonke.


Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe.


USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.


Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe.


Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabalalelanga, njengoba uSimakade ayeshilo kuMose.


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


UFaro wathumela wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Kulokhu ngonile; uSimakade ulungile, mina nabantu bami sinecala.


“Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, ukuze bangaboni ngamehlo abo, bangaqondi ngenhliziyo yabo, funa baphenduke, ngibaphilise.”


Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakamisela khona lokhu, ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”


Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Maye kithi! Ngubani oyosihlenga esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yibo labo nkulunkulu abashaya abaseGibhithe ngalo lonke ubhubhane ehlane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka